Ikhophi yeSinqumo seMboni iyatholakala kubaKhiqizi bakaHulumeni noma eMnyangweni wezaBasebenzi.
Yini inhloso yeSinqumo seMboni?
Isinqumo seMboni sibeka imibandela yokusebenza kubasebenzi basehlathini kanjalo nabanye abasebenzi beMboni yaMahlathi okuyizinto ezifana namahora omsebenzi, isikhathi sekhefu, imininingwane yokuqashwa nokumiswa emsebenzini. Siphinde sinqume amaholo aphansi okufanele akhokhwe ngabaqashi.
Bonke abatshali bezihlahla; osonkontileka abafufusayo; osonkontileka abachitha isikhathi esiningi emisebenzini yamahlathi; zonke ezokuthutha eMbonini yaMahlathi; isisebenzi sasandlini esiqashwe ekhaya lapho kutshalwa khona; unogada oqashwe ehlathini kodwa ongekho ngaphansi kwenkampani ezimele yonogada.
Ngubani ongeyona ingxenye yalokhu?
Abaqashi abaxube imikhakha yokutshala; amahlathi omphakathi; amahlathi okongo imvelo; noma ngubani oqashwe noma obambe iqhaza emisebenzini yehlathi ngaphansi kwesinqumo semboni noma ngesivumelwane somkhandlu wabasebenzi ngokulandisa koMthetho Wobudlelwane baBasebenzi ka 1995, isibonelo umthetho olawula ngaphansi koMkhandlu waBasebenzi bezokuThutha kanjalo nemisebenzi yokugawula nokuguqula izihlahla zibe ngomunye umkhiqizo, kuhlangene nemboni yowatela nephephe, njalo njalo.
Uthini umthetho ngamaholo?
Umthetho uthi bonke abasebenzi behlathi kufanele bakhokhelwe okungenani iholo elifana nencazelo yeThebuli ngezansi.
Ngabe bonke abasebenzi bamahlathi bathola iholo elifanayo?
Bonke abasebenzi behlathi kufanele bathole okungenani iholo elichazwe kuThebula 1. Noma kunjalo, abasebenzi behlathi abahola ngaphezulu kwesilinganiso esimisiwe bayoqhubeka nokuthola amahola aphezulu.
Umqashi kufanele akhokhele isisebenzi esineminyaka engaphansi kwe-15 noma ngaphezulu kodwa ongakafiki eminyakeni eyi-18 nosebenza amahora angama-35 ngesonto noma ngaphansi okungenani inkokhelo yehora echazwe kuThebula 1.
Ngemuva konyaka owodwa siqalile Isinqumo seMboni, amaholo ayonyuka ngesilinganiso samaphesenti amabili eCPI (Isilinganiso saMandla okuthenga).
Umqashi nesisebenzi sehlathi bengavumelana ngokubhaliwe ukuthi isisebenzi sehlathi siphothule umsebenzi wesitokwe ngezikhathi ezibekiwe. Umqashi kufanele akhokhele isisebenzi sehlathi esiqashwe ngaphansi kwalolu hlelo, inkokhelo kumele ingabi ngaphansi kweholo elimisiwe kanye nomgamu osebenza ngaphansi kwalolu hlelo.
Noma yini ebalulekile ukuqikelela izimfanelo zokuphepha nezempilo.
Umqashi engadonsa kuphela imali ngezizathu ezihlinzekwe yiSinqumo seMboni. Abasebenzi behlathi kufanele bavume ngokubhaliwe ukudonselwa imali.
Akufanele imali edonselwa indawo yokuhlala yedlule amaphesenti ayishumi eholo lesisebenzi sehlathi.
Imali edonselwa ukudla akufanele yedlule amaphesenti ayishumi eholo lesisebenzi sehlathi.
Uma bengaphezulu kwababili abasebenzi behlathi abahlala ngaphakathi endaweni yokusebenza, inani eliphelele lemali engadonswa kubo bonke abasebenzi behlathi abahlala ngaphakathi akufanele lidlule amaphesenti angama-25 athathelwa ezingeni eliphansi leholo lomuntu ngayedwa osebenza ehlathini. Ngamanye amazwi, uma bebahlanu abasebenzi behlathi abahlala ngaphakathi enkomponi, imali ephezulu engadonswa kumuntu ngamunye ingaba ngamaphesenti amahlanu.
Indlu ibanzi ngesilinganiso esingekho ngaphansi kwama-skwemitha angama-30.
Abasebenzi behlathi banomthwalo wokuqapha amafa omqashi wabo. Amafa omqashi ahlanganisa imishini noma ezinye izikhali ezisetsenziswa yibo ngesikhathi beqashiwe.
Uma isisebenzi sehlathi sibudedengu ekuqapheni amafa aso, umqashi engadonsa imali ngenxa yokulahlekelwa noma ngomonakalo.
Anike isisebenzi sehlathi ithuba lokukhombisa ukuthi kungani kungafanele idonswe imali eholweni laso.
Aqiniseke ukuthi imali edonswayo ayidluli ingxenye eyodwa kokune yeholo lesisebenzi sehlathi.
Amalungelo nezibophezelo zabaqashi kanye nabasebenzi behlathi eMbonini yeHlathi inqunywe ngendlela yokuthi izama ukubhekela izidingo zamathimba womabili.
Mangaki amahora angasetshenzwa yisisebenzi sehlathi ngesonto?
Amahora ayisishagalolunye ngosuku, uma isisebenzi sehlathi sisebenza izinsuku ezinhlanu noma ngaphansi ngesonto; noma 1.
Amahora ayisishagalombili ngosuku, uma isisebenzi sehlathi sisebenza ngaphezulu kwezinsuku ezinhlanu ngesonto.
Akufanele isisebenzi sisebenze isikhathi esingeziwe esidlula amahora ayi-12 ngosuku.
Ngesizathu sokuthi isisebenzi sehlathi akufanele sisebenze isikhathi esingeziwe esidlula amahora angama-45 ngesonto, isisebenzi sehlathi esisebenza amahora ayishumi ngezinsuku ezine akumele sisebenze amahora ayisishagalombili ngosuku lwesihlanu.
Isikhathi esingeziwe kufanele sikhokhwe ngesamba esijwayelekile sosuku esiphelezelwa yingxenye yeholo elijwayelekile losuku.
Isikhathi esikhokhelwayo sokuphumula kufanele sabiwe ingakapheli inyanga isisebenzi sithole ilungelo lekhefu. Noma kunjalo, isivumelwane esibhaliwe singanyusa isikhathi sifinyelele ezinyangeni eziyishumi nambili.
Isivumelwane esibhaliwe singadinga noma sivumele isisebenzi sehlathi ukuba sisebenze amahora ayishumi nambili ngosuku kuhlangene nezikhawu zekhefu lokudla ngaphandle kwenkokhelo yesikhathi esingeziwe.
Ngaphezulu kwezinsuku ezinhlanu ngesonto elilodwa.
Uma iholide liwela osukwini oluvame ukusetshenzwa ngabasebenzi behlathi, umqashi kufanele akhokhele labo abangasebenzanga, okungenani iholo elijwayelekile elilingana nosuku.
Umqashi kufanele akhokhele isisebenzi sehlathi imali esiyizuze ngokusebenza ngeholide ngosuku oluvamile lwenkokhelo.
Abaqashi kufanele bazise abasebenzi behlathi abavame ukusebenza ebusuku ngezimo zobungozi ezihambisana nesimo somsebenzi nangelungelo lokuba abasebenzi bahlolwe uma becela kanjalo nalapho izindleko zithwalwa khona ngumqashi.
Umqashi kufanele akhokhele isisebenzi sehlathi esilindela ukubizwa umhlomulo wokulinda. Lomhlomulo kufanele okungenani ulingane namaphesenti ayishumi eholo elijwayelekile lesisebenzi.
Isivumelwane singaqeda isikhathi sekhefu lokudla sesisebenzi sehlathi esisebenza ngaphansi kwamahora ayisithupha ngosuku.
Isivumelwane esibhaliwe singahlinzeka ngesikhathi sokuphumula okungenani samahora angama-60 njalo ngesonto lesibili noma ukunciphisa izikhathi zokuphumula ngesonto sifinyelele emahoreni ayisishagalombili ngesonto , uma isikhathi sokuphumula sinwetshwa ngendlela elinganayo esontweni elilandelayo.
Zinhlobo zini zamakhefu ezingatholwa yisisebenzi sehlathi?
Zingaki izinsuku ezingathathwa yisisebenzi sehlathi ngonyaka?
Isisebenzi sehlathi sinelungelo lokuthatha amasonto amathathu njalo ngonyaka.
Yini eyenzekayo uma iholide liqondana nezinsuku zekhefu?
Yini ebalulekile mayelana nekhefu lokugula?
Isekela noma isikhathi okukalwa ngaso umthamo wekhefu yizinyanga ezingama-36 othathelwa esibalweni sezinsuku ezisetshenzwe phakathi kwamasonto ayisithupha.
Isisebenzi sehlathi sisebenza izinsuku ezinhlanu ngesonto.
Izinsuku zekhefu phakathi komthamo wekhefu zilingana no 5 x6 (isibalo samasonto) = izinsuku ezingama-30 phakathi kwezinyanga ezingamashumi amathathu nesithupha.
Umqashi engacela isitifiketi sikadokotela lapho isisebenzi sehlathi siphuthe emsebenzini ngaphezulu kwezinsuku ezimbili noma kabili emasontweni ayisithupha.
Yini ikhefu lokubhekana nesimo somndeni?
Leli yikhefu olithola ukuze ulungise izindaba ezithinta umndeni wakho.
Ngubani ofanele ukuthola lolu hlobo lwekhefu?
Abasebenzi behlathi abaqashwe isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezine; futhi abasebenza okungenani izinsuku ezine ngesonto kulowo mqashi banelungelo lokuthola izinsuku ezintathu zekhefu lesimo somndeni phakathi kwesekela yekhefu ngonyaka.
Lingathathwa nini leli khefu?
Lolu hlobo lwekhefu lithathwa uma kuzelwe ingane, uma ingane igula noma isisebenzi sishonelwe yilunga, yisihlobo, ugogo, umkhulu, udadewabo noma umfowabo.
Yiziphi izinto ezisemqoka mayelana nekhefu lokukhulelwa?
Isisebenzi sesifazane singaqala kuphela emsebenzini ngemuva kwamasonto ayisithupha ngemuva kokuzalwa kwengane ngaphandle udokotela eveza isiqiniseko sokuthi isisebenzi sehlathi singaqala maduze.
Uma kwenzeka, isaziso sekhefu nokuqala emsebenzini kufanele kwethulwe ngaphambi kokuqala ikhefu.
Umqashi kumele agcine iminyaka emithathu umlando wegama, usuku lokuzalwa nekheli lesisebenzi ngasinye sehlathi esineminyaka engaphansi kwe-18 esiqashwe nguye.
Umsebenzi kufanele uqedwe kanjani?
Uma isisebenzi sehlathi sinonyaka noma ngaphezulu, kudingeka isaziso samasonto amane.
Yamukelekile inkokhelo esikhundleni sesaziso, inqobo uma ilingana nesikhathi sezasizo.
Uma umqashi enqamula isivumelwane somsebenzi wasehlathini ngesizathu sokwentuleka komsebenzi, kufanele isisebenzi sithole umthoba-nhliziyo womhlomulo olingana nesonto elilodwa, unyaka ngamunye osetshenziwe njengenye yenkokhelo etholakalayo.
Awukho umthobanhliziyo oyokhokhwa uma isisebenzi sizishiyele ngokwaso.
Umqashi kumele anike isisebenzi sehlathi isitifiketi esikhombisa isikhathi esisetshenziwe ngemuva kokunqamula isivumelwane somsebenzi.
Isizathu sokushiya emsebenzini (uma isisebenzi sehlathi sifuna sifakwe).
Yimuphi umlando nemibhalo okufanele igcinwe?
Wonke umuntu osebenza ehlathini oseMbonini yeHlathi kufanele athole iphepha eliqukethe imininingwane yeholo.
Amakhophi amaphephe eholo kufanele agcinwe iminyaka emithathu njengobufakazi bokuthi umqashi uhambisane nemibandela yenkokhelo elawulwa wumthetho.
Imali yangempela ekhokhwa etholwa yisisebenzi sehlathi.
Ukugcina Isinqumo seMboni.
Sonke isisebenzi esiboshezelwa yilesi Sinqumo seMboni kumele sigcine ikhophi yeSinqumo seMboni noma umbiko ofingqiwe ogunyaziwe otholakala endaweni yomsebenzi lapho sikwazi khona ukufinyelela isisebenzi sehlathi.
